Lombhalo awuqoqwanga ngenhloso yokuba wumqulu obanzi nongathathwa njengasetshenziswa njengomthombo wokuthathela ulwazi kodwa usebenza njengesikhali sokuhola ongoti abasebenza ngemishado nokwabiwa kwamafa ezindlalifeni.
Ngenxa yemithetho yobandlululo, imishado ethile yabantu bomdabu baseNingizimu Afrika yayingemukelwe noma yayishabalala ngaphansi kwezimo ezithile. Umthetho omusha odingidwa kulo mbhalo ulethe izinguquko ezinkulu emasikweni njengoba sizobona embhalweni.
Ngendlela efanayo, indlela okuphathwa ngayo amafa abantu abaMnyama abashone bengaqokanga izindlalifa yayiphambene kakhulu nomthethosisekelo, ngakho izigameko zamacala edlule zaphoqa Umnyango wezoBulungiswa ukuba uguqule imithetho ngenhloso yokuhambisana noMthethosisekelo.
Kungashiwo futhi ukuthi umthetho omusha odingidwa kulo mbhalo awuhambisani namasiko abantu bomdabu baseNingizimu Afrika kodwa asiqondile ukuphawula ngalokhu kule ngxoxo. Nguwena ozoba ngumehluleli.
Ngaphambi kokugxila kakhulu engxoxweni yoMthetho Omukela Imishado yeNdabuko (owaziwa lapha ngoMthetho), kubalulekile ukwethula isithombe esibanzi sesimo somthetho othinta imishado yesilungu "nenhlanganiso yendabuko" esiphothulwe ngaphambi komhlaka 15 Lwezi 2000, (lolu wusuku oqale ngalo ukusebenza loMthetho).
Noma kunjalo, lokho kuhlanganisa amafa kwakuphumelela kuphela lapho indoda ingashadile nomunye ngaphansi kwenhlanganiso yendabuko, ohlukile koqonde ukushadwa.
Ngomhlaka 1 Lwezi 1984, Umthetho Olawula Amafa Emishado 88 ka 1984 washicilelwa, kokunye waqeda amandla omshado anikwe indoda ngaphezulu kwenkosikazi, lapho beshade khona ngesilungu. Isinqumo saholela ekutheni kusukela ngomhlaka 1 Lwezi 1984, amandla omshado ayenikwe indoda mayelana nenkosikazi yayo athathwe esigabeni esicinyiwe 22 aqedwa.
Ngenxa yokuthi abashadiswe ngaphansi kwenhlanganis yomdabu babengathathwa njengabantu abashade ngokusemthethweni, noma yinini omunye wabo ngaphansi kwalowo mshado wayengabopha ifindo lomshado wesilungu nomunye umuntu. Umthelela walowo mshado wesilungu waholela ekupheleni komshado okhona wendabuko. bona Nkambula v Linda 1951 1 SA 377 A kanye no Malaza v Mndaweni 1975 BAC C 45. Inkosikazi engaphansi kwalowo mshado wesintu yayithathwa njengenkosikazi elahliwe. Inkosikazi yaleyo nhlanganiso yendabuko yayikwazi ukushada nomunye umuntu ngaphansi komshado wesilungu, ngakho inhlanganiso ekhona yendabuko ishabalale. Umbuzo ngothi ngabe "lenhlanganiso" iyavuselelwa yini wuMthetho Omukela Imishado yeNdabuko 120 ka 1998 isigaba 2, lombuzo kufanele unqunywe yizinkantolo.
Nokho, isigaba 22 soMthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama 38 ka 1927 sihlinzeke ngamalinge okuvikela umndeni olahliwe lapho ishona indoda. Ngenhloso yokuphawula ngezindlalifa, isithunzi somfelokazi nezingane zomshado wesilungu zithathwa ngendlela elinganayo nalezo zomshado wendabuko. Kuyacaca ukuthi isikhundla esingcono esinikwa inkosikazi eshade ngesilungu nezingane zayo kuphelelwe yisikhathi futhi bakleliswe ngokufanayo nenkosikazi kanye nezingane ezilahliwe.
Ngaphansi koMthetho Ochibiyela Amafa abashadikazi neMishado 3 ka 1988 oqale ukusebenza ngomhlaka 2 Zibandlela 1988, kwachitshiyelwa Umthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama ka 1927.
Umthetho wokuchibiyela walethwa izinguquko ezilandelayo.
Umthelela wokucinywa kwesigaba washo ukuthi yonke imishado yaseNingizimu Afrika yalingana kanti Umthetho weMpahla yabaShadile 88 ka 1984 yenabela ekusebenzeni emishadweni yabantu abamnyama ephothulwe ngemuva komhlaka 2 Zibandlela 1988. Imishado eyenzeke ngemuva komhlaka 2 Zibandlela 1988 yayixuba amafa ngaphandle uma kunesivumelwane sokwehlukanisa amafa nesibhaliswe emqulwini wamafa emishado ezinyangeni ezintathu ngaphambi komshado.
Into entsha nebalulekile ngeyokuthi "inhlanganiso yendabuko" yayingashabalaliswa wumshado wesilungu. Isigaba 221 sinqabela indoda eshade ngomshado wendabuko ukuzibophezela emshadweni wesilungu nomuntu wesimame ngesikhathi ingehlukanisile emshadweni wendabuko. bona Thembisile v Thembisile 2002 2 SA 209 T kanye no Kwitshane v Magalela 1999 4 SA 610 TK.
Ngeshwa, alikho ikhambi elihlinzekelwe isimo lapho umshado wesilungu wenzeka khona ngemuva komshado wendabuko. Yinto ethathwa njengemukelwe ukuthi lowo mshado wesilungu uyize.
Isigaba 3 soMthetho Omukela Imishado yeNdabuko 120 ka 1998 uvimbela omunye wabashadile oyingxenye yomshado osemthethweni wendabuko ukuba ashade ngesilungu ngaphansi koMthetho weMishado 25 ka 1961. Umgomo ofana nalowo odingidwe endimeni 2.3.2, kanjalo nalapha alikho ikhambi elihlinzekelwe ukwephula lomthetho.
Umthetho weMishado ezweni laseTranskei 21 ka 1978 uvumela indoda eshade ngaphansi komshado wesilungu ithathe futhi ngaphansi komshado wendabuko, inqobo uma umshado wendabuko ungahlanganisi amafa. Ngokunjalo, indoda eshade ngokwenhlanganiso yendabuko ingakwazi ukushada futhi ngaphansi komshado wesilungu, ngaphandle kokwehlukanisa inhlanganiso yendabuko, inqobo uma umshado wesilungu ungahlanganisi amafa.
Umthetho uqale ukusebenza ngomhlaka 15 Lwezi 2000 futhi wathatha igxathu elikhulu lokwemukela yonke imishado yendabuko esemthethweni. Umthetho unomthelela wokubuyela emuva futhi uzodingidwa isigaba nesigaba.
Umthetho usebenza kuyo yonke imishado yendabuko ephothulwa ngohlelo lomthetho wesintu, amasiko nezenzo zendabuko ezihlonishwa ngabantu bomdabu baseNingizimu Afrika nokuyinqubo eyingxenye yesiko labo.
Ngakho, kuyacaca ukuthi uMthetho uhambisana nabantu abathile, usebenza kuphela ebantwini bomdabu baseNingizimu Afrika, inqobo uma umshado ugujwe ngendlela emiswe ngamasiko noma izinhlelo zabantu bomdabu baseNingizimu Afrika.
Imishado yabantu ababili noma yesithembu egujwe ngemuva komhlaka 15 Lwezi 2000.
Imishado ephothulwe ngemuva komhlaka 15 Lwezi 2000 kufanele ihambisane nezidingo zoMthetho. Izidingo ezihlinzekwe eMthethweni ziyimpoqo kanti ukwehluleka ukuzilandela kunomthelela womshado oyize.
Bobabili abashadayo kufanele bazimisele ukushada ngaphansi komthetho wendabuko.
Akekho kwabashadayo okufanele abe yingxenye yomunye umshado wendabuko.
Kufanele kuxoxiswane ngomshado futhi ugujwe ngokulandela umthetho wendabuko.
Ukuze umshado wesithumbu ube semthethweni, ngaphezulu kwezidingo ezichazwe ngenhla, kufanele kube nesivumelwane esihlinzekwe yisigaba 7 (uma ufuna ingxoxo egcwele, bona indima 5.2.2.).
Isigaba 4 soMthetho sinika abashadayo isibophezelo sokubhalisa umshado kodwa ukwehluleka akuqedi lowo mshado.
Ukubhalisa kwenziwa yisiphathimandla soMnyango wezaseKhaya, inqobo uma ulwazi olubalulekile nolufunwayo luveziwe futhi kwakhokhwa imali efanele. Noma ngubani, akunqunyelwe kuphela abashadayo bengafaka isicelo sokubhalisa umshado, inqobo uma beveza intshiseko eyenele ngodaba.
Izidingo zokubhaliswa komshado nemibhalo okufanele igcwaliswe kanye nobufakazi obethulwa esiphathimandleni sokubhalisa ziqukethwe wuMthetho kanti ngeke zidingidwe ngokugcwele kulo mqulu.
Isigaba 4 soMthetho sihlinzeka ngokuthi ngemuva kokufakwa kwesicelo, kungayiwa enkantolo ngenhloso yokubhalisa umshado wendabuko. Lesi sigatshana singasetshenziswa kuphela uma kunengxabano ngokuba semthethweni komshado, kungabi yizimo lapho isiphathimandla esibhalisayo singenaso isiqiniseko sokusebenza kwamasiko noma izinhlelo zesintu.
Ngaphambi kokuqala koMthetho, inkosikazi eshade ngaphansi komshado wendabuko yayithathwa njengengane kanti indoda ingumlawuli wamafa omshado. Isigaba 6 sesihlinzeka ngokuthi bobabili abashadene namandla alinganayo, kuye ngokuthi yiluphi uhlelo olulawula umshado wabo.
Imithelela yobunini yaleyo mishado izohlala ilawula ngaphansi komthetho wendabuko, inqobo uma ihambisana nezihlinzeko zesigaba 6, ezixoxiwe. Leyo mithelela ithatha ngokuthi umshado wehlukanisa amafa kanti ubeka eceleni inzuzo nokukhula kwamafa.
Isigaba 7 soMthetho sihlinzeka ngokuthi abashadene ngaphambi kokuqala koMthetho, bengafaka ngokuhlanganyela isicelo enkantolo sokuguqula izinhlelo zamafa omshado wabo inqobo uma kunezizathu ezinqala zoshintsho. Isaziso esenele siyovezelwa abakweletwayo kanti akekho okufanele alimale ngenxa yoshintsho. Inkantolo iyogunyaza amathimba ukuba asayine isivumelwane bese umshado ubuswa yileso sivumelwane.
Uma engekho kwabashadile oyingxenye yomunye umshado wendabuko, umshado uyohlanganisa amafa ngaphandle uma omunye wabashadile engena esivumelwaneni sokwehlukanisa amafa futhi leso sivumelwane sibhaliswe ehhovisi lamafa. Uma kwenzeka okuchazwe kamuva, umthelela wobunini emshadweni kuyobuswa yisivumelwane esisayiniwe.
Ukucaza ifa nokuqiniseka ukuthi labiwa ngendlela elinganayo.
Ngokombomo wabeLuleki boMthetho esikhathini esifushane esidlule esitholwe nguMnyango wezaseKhaya, ukuphothula isivumelwane kuyimpoqo futhi ukusishaya indiva kunomthelela womshado oyize.
Isigaba 8 sesilethe uguquko esimweni esidlule lapho umshado wendabuko wawungahlakazwa ngaphandle kwesinqumo senkantolo.
Yonke imishado esemthethweni yendabuko, akukhathalekile ukuthi ibhalisiwe noma ingabhalisiwe kufanele ihlakazwe yinkantolo, (Inkantolo ePhakeme, Inkantolo yoMndeni noma Inkantolo yokweHlukanisa ngaphansi koMthetho 9 ka 1929). Izihlinzeko zoMthetho wokweHlukanisa 24 ka 1987 usebenza emshadweni wendabuko kanti lowo mshado uyohlakazwa kuphela ngezizathu zokufekela komshado ngaphansi kwezimo ezingalawuleki.
Ukuphindisela emuva inkokhelo ye "lobolo" yiphuzu elingabalulekile okwamanje kanti oligcinile kufanele abe yingxenye yezingxoxo uma kufanele liphindiselwe emuva.
Isigaba 10 sivumela amathimba omshado wendabuko angenele isivumelwane sokushadana ngaphansi koMthetho weMishado. Nokho, umthetho awuvumeli ithimba elishade ngesilungu lingene komunye umshado wendabuko naye lowo muntu ofanayo. bona isigaba 104.
Ukwenza izihlinzeko zokwemukela imishado yendabuko: ukuchaza izidingo kuhlinzekela isikhundla esilinganayo namandla abantu abashade ngokwendabuko;ukulawula umthelela wobunini emshadweni wendabuko namandla abantu abangene kulowo mshado; ukulawula indlela yokuhlakaza umshado wendabuko; ukuhlinzekela indlela yokushaya imigomo; ukucima izihlinzeko zemithetho ethile nokuhlinzekela izindaba eziqondene nazo.
umholi wendabuko' uchaza umuntu onesikhundla ngaphansi kwesakhiwo sobuholi bendabuko nomthetho wamasiko.
Ukwemukelwa kwemishado yamasiko umshado osemthethweni ngokomthetho wesiko nobuvele ukhona ngesikhathi uqala lomthetho, uthathwa njengomshado omukelwe.
Umshado wendabuko oqale ngemuva kwalo mthetho kodwa ohambisana nezidingo zalo Mthetho, uthathwa njengomukelekile.
Uma oyedwa kwabashadile ethinteka komunye umshado wendabuko, yonke imishado imishado esemthethweni ephothulwe ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho, iyokwemukelwa njengemishado.
Uma oyedwa kwabashadile ethinteka komunye umshado wendabuko, yonke imishado ephothulwe ngemuva kwalo Mthetho ehambisana nezihlinzeko zalo Mthetho, iyothathwa njengemishado emukelwe.
b umshado kufanele uxoxwe futhi ugujwe ngendlela yomthetho wesintu.
Ngaphandle kwalokho okuhlinzekwe esigabeni 101, akekho oyedwa kwabashade ngaphansi komshado wendabuko oyoba namandla okungena emshadweni ngaphansi koMthetho weMishado ka 1961 Umthetho 25 ka 1961 ngesikhathi lowo mshado wendabuko usekhona.
a Uma omunye wabashadile engakabi namandla okuzimela, abazali bakhe bobabili noma uma bengekho, kufanele omgadile avumele umshado.
b Uma ingatholakali imvume yomzali noma lowo oyigadile, kuyosebenza isigaba 25 soMthetho weMishado ka 1961.
a Nakuba sikhona isigatshana 1ai, Ungqongqoshe noma esinye isiphathimandla somnyango esigunyazwe ngokubhaliwe ngungqongqoshe singakhipha imvume ebhaliwe kulowo oneminyaka engaphansi kwe-18 ukuba ashade ngohlelo lwendabuko uma Ungqongqoshe noma isiphathimandla sibona ukuthi lowo mshado ufanele futhi uhambisana nezifiso zamathimba athintekayo.
b Leyo mvume ngeke ixolele abathintekayo mayelana nomshado ohlongozwayo ezibophezelweni zokuhambisana nazo zonke ezinye izidingo ezimiswe ngumthetho.
c Uma umuntu oneminyaka engaphansi kwe-18 eshada ngokwendabuko ngaphandle kwemvume ebhaliwe kaNgqongqoshe noma isiphathimandla esifanele, Ungqongqoshe noma isiphathimandla singacubungula udaba, uma sibona ukuthi umshado ufanele futhi uhambisana nezifiso zabantu abathintekayo ngokunjalo umshado uhambisana nazo zonke izidingo ezimiswe wuMthetho, siyodalula ngokubhaliwe lowo mshado wendabuko njengosemthethweni.
Ngokusebenza ngaphansi kwezihlinzeko zesigatshana 4, isigaba 24A soMthetho weMishado ka 1961 sisebenza emishadweni yendabuko yalowo othathwa njengengane oshade ngaphandle kwemvume yabazali, yomgadi, kakhomishani wezenhlalakahle noma yomehluleli, kuye ngesimo ngasinye.
Isinqumo sokwenqatshwa komshado wendabuko phakathi kwabantu abayizihlobo noma ukukhubazeka yinto enqunywe wumthetho wesiko.
Labo ababambisene emshadweni wendabuko banomthwalo wokuqinisekisa ukuthi umshado wabo uyabhaliswa.
Omunye wabashadile engafaka isicelo sokubhalisa umshado wendabuko ngokugcwalisa ifomu elifanele bese elidlulisela esiphathimandleni sokubhalisa, kufanele anike isiphathimandla sokubhalisa ulwazi olunqunyiwe nolunye olungafunwa yisiphathimandla ngenhloso yokuzenelisa ngobukhona bomshado.
a ophethwe ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho nongabhalisiwe ngaphansi kweminye yemithetho kufanele ubhaliswe zingakapheli izinyanga eziyishumi nambili ngemuva kokuqala kwawo noma singakapheli isikhathi esinganqunywa nguNgqongqoshe, izikhathi ngezikhathi kwiSaziso seGazethe; noma b ophethwe ngemuva kokuqala kwalo Mthetho kufanele ubhaliswe zingakapheli izinyanga ezintathu ngemuva kosoku lomshado noma ngesikhathi eside esimiswe nguNgqongqoshe ngesaziso seGazethe.
a Uma sineliswa wukuthi abashadile bagubhe umshado wendabuko osemthethweni, isiphathimandla sokubhalisa siyobhalisa umshado ngokuqopha omazisi babantu abashadile, usuku lomshado, isivumelwane selobolo, uma sikhona neminye imininingwane enqunyiwe.
b isiphathimandla sokubhalisa kufanele sikhiphele abashadayo isitifiketi sokubhalisa esibhalwe imininingwane enqunyiwe.
a Uma kwenzeka ngandlela thize umshado wendabuko ungabhalisiwe, noma ngubani onelisa isiphathimandla sokubhalisa ngokuthi unogqozi olwenele lokufaka isicelo esiphathimandleni lapho efuna khona ukwazi ngobukhona bomshado.
b Uma isiphathimandla sokubhalisa sineliswa wukuthi ukhona umshado wendabuko noma wawukhona phakathi kwabashadikazi, kufanele abhalise umshado bese ekhipha isitifiketi sokubhalisa ngendlela ehlonzwe esigatshaneni 4.
Uma isiphathimandla esibhalisayo singeneliswa wukuthi umshado wendabuko awukho kahle emthethweni, engachitha isicelo sokubhalisa umshado.
a sokubhalisa noma yimuphi umshado wendabuko; noma b sokunqumalo noma ukulungisa noma yikuphi ukubhaliswa komshado wendabuko okwenziwe yisiphathimandla sokubhalisa.
Isitifiketi sokubhaliswa komshado wendabuko esikhishwe ngaphansi kwalesi sigaba noma eminye yemithetho ehlinzekela ukubhalisa imishado yendabuko siwubufakazi obusobala bokuba khona komshado wendabuko nemininingwane equkethwe yisitifiketi.
Ukwehluleka ukubhalisa umshado wendabuko akuphazamisi ubukhona bomshado.
Mayelana nomuntu othathwa njengengane, isiphathimandla esibhalisayo siyomukela isitifiketi sokuzalwa, umazisi, umbiko ofungelwe womzali noma isihlobo sengane noma ubufakazi obamukelwe yisiphathimandla njengobufakazi beminyaka yalowo muntu.
Uma singekho isiqiniseko seminyaka yomuntu othathwa njengengane noma kunempikiswano futhi iminyaka yomuntu isemqoka ngokwenhloso yalo Mthetho, isiphathimandla esibhalisayo singedlulisa udaba ngendlela enqunyiwe enkantolo yeMantshi ebunjwe ngaphansi koMthetho weziNkantolo zoMantshi ka 1944 Umthetho 32 ka 1944 okufanele inqume iminyaka yomuntu bese ikhipha isitifiketi esiyokhomba iminyaka yomuntu.
Ngesizathu sokulingana nendoda yakhe nangaphansi kohlelo lwempahla yenhlanganiso ebusa umshado, inkosikazi eshade ngaphansi komshado wendabuko inesikhundla namandla agcwele axube amandla okuthola nokwaba amafa, ukusayina isivumelwane nokuthatha izinyathelo zomthetho, ngaphezulu kwamanye amalungelo namandla anawo ngaphansi komthetho wendabuko.
Umthelela wobunini emshadweni wendabuko oqale ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho uyaqhubeka nokubuswa wumthetho wendabuko.
Umshado wendabuko oqalwe ngemuva kokuqala kwalo Mthetho lapho omunye wabashadene engenabo obunye ubuhlobo ukomunye umshado uthathwa njengomshado ohlanganisa amafa nenzuzo/nezindleko phakathi kwalabo abashadene, ngaphandle uma lowo mthelela ukhishelwe ngaphandle ngokucacile ngabashadene esivumelwaneni sokwehlukanisa amafa esilawula uhlelo lwempahla ehlukanisiwe emshadweni.
Isahluko III nezigaba 18,19,20 no 24 zeSahluko IV soMthetho weMpahla yoMshado ka 1984 Umthetho 88 ka1984 usebenza maqondana emishadweni yesintu ehlanganisa amafa ngendlela ehlonzwe yisigatshana 2.
uma engekho umuntu oyobekwa engcupheni yizinguquko ezihlongozwayo.
Isinqumo sohlelo lwempahla yomshado esisebenza kulowo mshado noma imishado ngeke sisasebenza futhi sigunyaze amathimba athintekayo ukusayina isivumelwane esibhaliwe lapho uhlelo oluzayo lwempahla yomshado luyolawulwa khona ngaphansi kwezimo ezinqunywe yinkantolo.
b Esigamekweni sendoda eshade isithembu emshadweni wendabuko, bonke abantu abanogqozi olwenele ngodaba, ikakhulu inkosikazi noma amakhosikazi akhona kufanele babe yingxenye yodaba.
Isigaba 21 soMthetho weMpahla yoMshado ka 1984 Umthetho 88 ka 1984 usebenza emshadweni wendabuko oqale ngemuva kokuqala kwalo Mthetho lapho indoda ingenaso khona isithembu.
Indoda eshade ngenhlanganiso yendabuko efuna ukushada futhi ngokwendabuko nenye inkosikazi ngemuva kokuqala kwalo Mthetho kufanele ifake isicelo enkantolo eyomukela isivumelwane esibhaliwe nesilawula uhlelo lwempahla yomshado wayo.
ingakhipha isinqumo, kuye ngezimo ezibona zilungile; noma iii ingenqaba isicelo uma imibono noma izifiso zabantu abathile abathintekayo zingavikelwe yisivumelwane esiphakanyiswayo.
Bonke abantu abanogqozi olwenele odabeni, ikakhulu oyingxenye yomshado okhona nozoshadwa kufanele bahlanganyele odabeni olubhungwa ngaphansi kwesigatshana 6.
Uma inkantolo yemukela isicelo esihlonzwe esigatshaneni 4 noma 6, unobhala noma umabhalane wenkantolo, kuye ngalowo okhona, kufanele anike umshadikazi ngamunye umbiko wesinqumo senkantolo bese ikhophi efungelwe yombiko inikwe ihhovisi lamafa abashadile endaweni lapho inkantolo ikanise khona.
Umshado wendabuko ungahlakazwa kuphela yinkantolo ngesinqumo sokwehlukanisa ngezizathu zokufekela komshado ongeke usavuka noma uphile.
Inkantolo ingakhipha isinqumo sokwehlukanisa umshado ngezizathu zokufekela komshado ongeke usavuka uma yeneliswa wukuthi ubudlelwane phakathi kwabashadile sebubhidlikile futhi alikho ithemba lokubuvuselela.
e ngesikhathi ikhipha isinqumo senhlawulo yesondlo, ingacubungula izihlinzeko noma amalungiselelo enziwe ngokulandela umthetho wendabuko.
Akukho kulesi sigaba okungathathwa njengokunciphisa igalelo lomunye umuntu noma umholi wendabuko okwemukelwe wumthetho wendabuko ekuxazululeni ingxabano noma udaba oluqubuke ngaphambi kokuhlakazwa komshado wendabuko yinkantolo.
Nakuba ikhona inkambo yemithetho yendabuko, iminyaka yomuntu okwazi ukuzimela inqunywe ngokulandisa koMthetho weMinyaka Yokungena Ebudaleni ka 1972 (Umthetho 57 ka 1972).
Indoda nenkosikazi abanomshado wendabuko oqhubekayo banegunya lokushadana ngaphansi koMthetho weMishado ka 1961 Umshado 25 ka 1961 uma engekho phakathi kwabo oshade nomunye umuntu ngaphansi komshado wendabuko.
Uma umshado uphothulwe ngendlela ehlonzwe esigatshaneni 1, umshado uhlanganisa amafa nenzuzo/nezindleko ngaphandle uma lowo mthelela ubekwe eceleni ngesivumelwane sokwehlukanisa amafa esilawula uhlelo lwempahla yomshado wabo.
Isahluko III nezigaba 18,19,20 no 24 weSahluko IV soMthetho weMpahla yeMishado ka 1984 Umthetho 88 ka 1984 sisebenza kunoma yimuphi umshado ohlanganisa impahla ngendlela ehlonzwe esigatshaneni 2.
Nakuba sikhona isigatshana 2, ongene emshadweni ongaphansi koMthetho weMishado ka 1961 akanalo igunya lokuba yingxenye yanoma yimuphi omunye umshado.
b ukunquma imali ekhokhwa maqondana nokubhaliswa komshado wendabuko nokukhishwa kwesitifiketi esiqondene.
Noma yimuphi umgomo oshaywe ngaphansi kwesigatshana 1 kufanele wethulwe eSishayamthetho ngaphambi kokushicilelwa kwiGazethe.
Noma yimuphi umgomo oshaywe ngaphansi kwesigatshana 1 ongaba nomphumela wezindleko eMbusweni noma imiogomo eshaywe ngaphansi kwesigatshana 1 b kufanele yenziwe ngokubonisana noNgqongqoshe weZimali.
Noma yimuphi umgomo oshaywe ngaphansi kwesigatshana 1 ungahlinzeka ngokuthi noma ngubani ophula izihlinzeko zawo noma ohluleka ukuhambisana nawo abe necala lapho engagwetshwa khona inhlawulo noma aboshwe isikhathi esingedluli enyakeni.
b iba yingxenye yezimpahla zefa elihlanganisa abashadile nalapho inkantol ikhiphe khona isinqumo noma ishaye umgomo yakhipha negunya ngaphansi kwesigaba 20 noma 211 soMthetho Wamafa Emishado ka 1984 Umthetho 88 ka 1984 noma ngaphansi kwesigaba 7 soMthetho Omukela Imishado yeNdabuko ka 1998, kuye ngesimo ngasinye lapho impahla, impahla ethengwe ngesikweletu noma indlu inikwa abashadene bobabile ngendlela engacaziwe.
Lomthetho waziwa ngokuthi nguMthetho Omukela Imishado yeNdabuko ka 1998 kanti uqala ukusebenza ngosuku olunqunywe nguMongameli wezwe ngesaziso seGazethe, okusho uMhlaka 15 Lwezi 2000.
Esikhathini esidlule, Iningizimu Afrika yemukela okungenani izinhlelo ezimbili ezihlukene zokuhlomula efeni loshonile: umthetho ovamile (ohambisana nezichibiyelo zawo) kanye nemithetho yendabuko. Imithetho eminingi yendabuko esetshenziswe esikhathini esidlule yayingashayisani nje kuphela nenkambiso yokuphatha ngokulingana kodwa yayingqubuzana nenkambiso yomthethosisekelo.
Inkulumo-mpikiswano ethinta ukungqubuzana phakathi kwamasiko nokulingana (bona isigaba 9 no 30 soMthethosisekelo) isabalele, ikakhulu eminyakeni embalwa edlule.
Isigaba 23 soMthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama ka 38 ka 1927 sihlinzeka ngokuba uma umuntu omnyama eshone echazile ngokwabiwa kwefa, lelo lifa kufanele lisingathwe wuMphathi weNkantolo ePhakeme isigaba 23 9.
Uma kodwa umuntu omnyama eshone engabhalanga izifiso ngefa lakhe, ifa elingaqokelwanga izindlafa liyosingathwa yiMantshi ebusa endaweni eyakhele lowo muntu omnyama isigaba 237. Umgomo R200 womhlaka 6 Nhlolanja 1987 ogunyazwe ngaphansi kwesigaba 2310 soMthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama wasetshenziswa njengosizo lokusingatha amafa abantu abamnyama abashone bengabhalanga indlela yokucaza amafa.
Umphumela wesinqumo ecaleni likaMoseneke liveza ukuthi ifa lomuntu omnyema oshone engabhalanga izifiso zakhe lingabikwa kuMphathi weNkantolo ngenhloso yokulisingatha ngaphansi komthetho ovamile wezinkantolo noma eHhovisi likaMantshi lapho lingasingathwa khona ngokulandisa komthetho wendabuko. Lokhu kwakulandela indlela umuntu aziqokele ngayo ukubika ngefa. Uma ifa lisingathwa yimantshi, kwakulandelwa inqubo yemigomo R200 ka 1987 ephawulwe ngenhla. Uma ifa libikwa kuMphathi weNkantolo ePhakeme, kwakulandelwa umthetho wezinkantolo osetshenziswa ekusingatheni ifa lomuntu oshonile.
Umkhuba ochazwe ngenhla wavunyelwa kuphela iminyaka emibili ngemuva kwesinqumo secala likaMoseneke. Umnyango wezoBulungiswa wabona isidingo sokwethula umthetho obusa ukusingathwa kwawo wonke amafa eNingizimu Afrika noma lowo mthetho ungazange uvele. Empeleni okwenzekile wukuchitshiyelwa komthetho omdala 'wobandlululo'.
Njengencazelo evela esinqumeni secala likaMoseneke, izihlinzeko zesigaba 232 soMthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama sasivunywe ukuba silandelwe iminyaka emibili eyalandela. Iminyaka emibili iphele ngomhlaka 5 Zibandlela 2002. Kusukela ngomhlaka 6 Zibandlela, Umphathi weNkantolo ePhakeme wanikwa amandla okusingatha wonke amafa omuntu oshonile ngaphansi kwezinkantolo. Uma umuntu eshonile kanti ifa lakhe lingaphansi ko-R125 000,00 lelo lifa lalisingathwa yiZikhungo zokweThula Izidingo emaHovisi eziMantshi zisebenza egameni futhi ngaphansi kweso loMphathi weNkantolo ePhakeme lamafa awanqunyelwe kuphela amafa abantu abamnyama.
Wonke amafa abantu abaziqokele izindlalifa edlule ku-R125 000 ayelindelwe ukubikwa kubaPhathi beziNkantolo eziPhakeme ngenhloso yokuwasingatha.
Kusukela ngomhlaka 6 Zibandlela kufinyelela kumhlaka 15 Mfumfu 2004, isibophezelo sokulandelela indlela asingethwe ngayo amafa alandelayo saphucwa iziMantshi futhi engalawulwa kuphela nguMphathi weNkantolo ePhakeme ngokulandela izimiso zomthetho wezinkantolo.
Ifa lomuntu omnyama oshonile okuthe esaphila wafaka isicelo sokungaboshwa wuMgomo weMithetho yesiZulu.
Ifa lomuntu omnyama okuthe ngesikhathi eshona wayeshade ngohlelo lwesilungu.
Umufi okuthe ngesikhathi eshona wayengumfelwa, umfelokazi noma ehlukanisile emshadweni wesilungu futhi engasekho ashade naye ngokohlelo lwendabuko owagujwa ngemuva kwesahlukaniso somshado.
Uma uNgqongqoshe wezoBulungiswa enquma ukuthi ifa lomufi kufanele lisingathwe ngendlela yomthetho ovamile.
Noma yimuphi umuntu ongashadile.
Amafa abantu abashonile abachazwe ngenhla ayecazwa ngokulandela umthetho wendabuko ngendlela ohlinzekwe wuMthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama nemigomo ephasiswe kuwo.
Icala elichaziwe yisicelo sokuqinisekisa isinqumo sokuphambana nomthethosisekelo esakhishwa yiNkantolo ePhakeme yaseKapa. Inkantolo yathola ukuthi isigaba 23 (a), (c) no (e) soMthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama nomgomo (e) weMigomo yokuSingatha nokuCaza Amafa Abantu abaMnyama yayiphambene nenkambiso yomthethosisekelo. Isigaba 1 (b) soMthetho woKwaba Amafa abantu abangaziqokanga Izindlalifa wathathwa njengento ephambene nomthethosisekelo, maqondana nalapho ibuyisela khona eceleni ukusebenza kwesigaba 1 salowo Mthetho efeni noma engxenye yefa eboshezelwa yisigaba 23 soMthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama.
Ngesikhathi Iphini loMehluleli oMkhulu uLanga DCJ ekhipha isinqumo esavunywa yiningi lamajaji eNkantolo, wathola ukuthi; ngokubheka isimo, umlando nengqikithi yonke, isigaba 23 soMthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama wucezu lomthetho wengcindezelo owenze imithetho yendabuko yasatshe futhi odale ukwephulwa kwamalungelo abantu abaMnyama ngendlela engenamkhawulo. Isigaba sidale uhlelo oluhambisanayo lobundlafa ebantwini abaMnyama ngaphandle kozwelo lwezifiso nezimo zabo. Isigaba 23 nemigomo yaso igqame kakhulu ubandlululo kanti siphula amalungelo okulingana esigaba 9 nesithunzi esinikwa yisigaba 10 soMthethosisekelo wethu, ngakho kufanele siqedwe. Umthelela wesinqumo wukuthi akusiyo nje kuphela imithetho yobulungiswa ebusa ifa ehlinzekwe esigabeni ephambene noMthethosisekelo kodwa nenqubo lapho ifa lomufi omnyama lisingathwa khona ngendlela ehlukile emafeni abantu abamhlophe, nakho kuyisenzo esiphambene noMthethosisekelo.
Umehluleli Langa uphinde abhekele umthetho wesiko lesintu obuka umlando womuntu wesilisa okuyinto esivame ukusetshenziswa ekwabeni amafa omufi. Uyaveza ukuthi lenqubo ibandlululo ngendlela engafanele abesifazane nemilanjwana. Uphinde adalule ukuthi lesi senzo siphambene noMthethosisekelo futhi asifanele.
Umehluleli uveza ukuthi kungaba yinto ethandekayo ukuba izinkantolo zisungule imithetho emisha yomthetho wendabuko ukuze uveza umthetho obusayo wendabuko nokusondeza imithetho yendabuko eduze komthethosisekelo wezwe, njengamanje ikhambi alibonakali kulolu daba ngenxa yokuthi umthetho wokwaba ifa ngokomthetho wendabuko weseka kakhulu uzalo lowesilisa kanti yisimo esihlaziywa ngasinye. Noma zikhona izingqinamba, ubona ukuthi ibalulekile inkundla yokulawula uhlelo lokwabiwa kwamafa asuke engachazwanga ngumufi kubantu abamnyama kuze kufike isikhathi lapho isishayamthetho siyohlinzeka ngesixazululo esiphakade. Ngakho, Inkantolo inquma ukuba amafa abashonile ayelawulwa wuMthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama neyendabuko imiselwe ozalweni lesilisa kufanele iguqulwe bese ihlinzekelwa wuMthetho Wamafa abantu abashone bengaziqokanga Izindlalifa. Kunolunye uhlelo olumiselwe izinhlanganiso zesithembu.
Isinqumo sale Nkantolo maqondana nemithetho yokuthola ifa sinomthelela wokuphindela emuva kufinyelela ngomhlaka 27 Ndasa 1994 kodwa ngeke sisetshenziswe emafeni asedluliswe ngokuphelele, ngaphandle uma indlalifa ifake isaziso sokuphikisa igunya lezihlinzeko zomthetho nemithetho yendabuko emiselwe ozalweni.
Maqondana nokusingathwa kwefa lomuntu oshonile, inkantolo ikhipha isinqumo sokuthi ngomuso amafa abantu abashonile ayenokusingathwa yizimantshi ngokulandisa koMthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama kufanele manje asingathwe nguMphathi weNkantolo ePhakeme ngaphansi koMthetho wokuSingathwa kwaMafa abashonile 66 ka 1965. Noma kunjalo, isinqumo senkantolo esithintene nokusingatha amafa asinawo umthelela wokubuyela emuva, ngakho njengamanje amafa abashonile asaphethwe yizimantshi ngokulandisa kwesigaba 23 soMthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama ayoqhubeka nokusingathwa yilezo zimantshi. Kusuka ngosuku lwesahlulelo, amafa amasha ayosingathwa nguMphathi weNkantolo ePhakeme ngokulandisa koMthetho wokuSingathwa kwaMafa abashonile.
Isigaba 23 soMthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama 38 ka 1927 ucishwa kusukela ngomhlaka 27 April 1994.
Izimantshi ngeke zisaba namandla okusingatha amafa abantu abamnyama abashone bengaziqokanga izindlafa.
Wonke amafa abashonile, akukhathalekile ibala, uhlanga noma inkolo ayosingathwa nguMphathi weNkantolo ePhakeme ngokulandisa koMthetho wokuSingathwa kwaMafa abashonile 66 ka 1965.
Isinqumo senkantolo esiqondene nokusingatha amafa abashonile asibuyeli emuva, ngakho amafa asingethwe njengamanje yimantshi ngokulandisa kwesigaba 23 soMthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama ayoqhubeka nokusingathwa yilezo zimantshi. Noma kunjalo, imithetho yomdabu elawula ukuthathwa kwefa ngeke ilandelwe kanti izimantshi ziyosebenzisa izihlinzeko zoMthetho Olawula Amafa omuntu oshone engaqokanga Izindlalifa 81 ka 1987.
Noma izihlinzeko zesigaba 23 zicinywe ngokuphindela emuva, ngeke zisebenze emafeni asedluliswe ngokugcwele ngaphandle kwalapho indlalifa ifake khona isaziso sokuphonsa inselelo ubulungiswa bezihlinzeko zomthetho nomthetho wendabuko oqondene nokuqokwa kwendlalifa. Inqubo yokubhekana nenselelo iyodingidwa yizinkantolo eziyonquma ngakho, kanti ikusasa kalaziwa ngalokhu.
Emishadweni yesithembu, omunye wabashadile uyoba nelungelo lokuthola R125 000 noma ingxenye etholwa yingane.
Wonke amafa omuntu oshonile asingathwe futhi asongwa ngaphambi komhlaka 15 Mfumfu asengadingidwa ngokulandela umgomo 4 wegunya leMantshi ngaphandle uma kuphonswa inselelo ubulungiswa bomthetho, inqobo uma leyo mishado yayisingethwe yiMantshi ngokulandisa kweSaziso R200 sika 1987.
Wonke amafa abantu abashonile lapho umufi eshone ngemuva komhlaka 15 Mfumfu 2004 noma uma ifa belisohlelweni lokusingathwa kodwa lingaphothuliwe ngalolo suku kufanele asingathwe ngaphansi koMthetho Olawula Amafa abantu abangaziqokanga Izindlalifa 81 ka 1987. Kubalulekile ukuba lowo odlulisa ifa ahlole isigaba esifanele 1 (a) kuya ku 1 (e) salowo Mthetho.
Ukuthi onobhala abengamele izikhungo zokubhalisa ubunini bezindlu bayothola kanjani ukuthi ifa lase lisongiwe noma lisohlelweni wumbuzo ongaphenduleki. Noma kunjalo, kwemukelwe ukuthi Unobhala kufanele ethembele ekwethembekeni kwemantshi ngalolu daba futhi alandele umgomo wegunya 4.
Njengamanje, Ikhomishani yezoMthetho yaseNingizimu Afrika iyaphenya futhi idweba umthetho omusha oyosingatha wonke amafa abashonile ngaphandle kokubandlulula ngobuhlanga, ngobulili noma ngesiko.
Uyacelwa ukuba wazi ukuthi imithetho ehlongozwa ngenhla yisiphakamiso kanti iSishayamthetho asikayiphasisi.
Kulo Mthetho, ngaphandle uma ingqikithi ibalula ngenye indlela.
umholi wendabuko uchaza noma ngubani ophethe isikhundla sokulawula ngaphansi komthetho wendabuko noma efuze lena.
Ngaphandle komunye umthetho ophikisayo, ngemuva kokufa komuntu ifa lakhe kufanele labiwe ngokulandela izifiso zomufi noma uma eshona ngaphandle kwencazelo esemthethweni labiwe ngokugcwele noma ingxenye yalo ngokulandela umthetho wabantu abashone bengaziqokanga izindlalifa ngendlela ehambisana noMthetho Olawula Amafa abantu abashone bengaziqokanga Izindlalifa ka 1987 (Umthetho 81 ka 1987).
Umthetho Olawula Amafa abashone bengaziqokanga Izindlalifa ka 1987 Umthetho 81 ka 1987 usebenza nezinguquko ezifunwa yingqikithi yefa elingachaziwe indlela yokwabiwa kwalo okuthe ngaphambi kokuqala kwalo mthetho umuntu wayeshade ngohlelo lwendabuko obelusaqhubeka ngesikhathi eshona.
Ngaphandle komunye umthetho ophikisayo nombandela wendima (b) engezansi, osele kwabashadile uyothola ifa lendlu nempahla yalowo muntu oshonile.
b Uma umufi eshiye izindlu, umfelwa uyothola eyodwa yezindlu, inqobo uma lowo osele enelungelo lokuqoka leyondlu.
Lomthetho awusebenzi ezintweni ezithinta ukungena esikhundleni sehhovisi eliphethwe wumholi wendabuko.
Uma okufanele adle ifa eshonile, ngaphandle kwengane engakakwazi ukuzimela noma ekhubazeke engqondweni enelungelo elifanayo nomshadikazi osaphila kwifa lomufi iyophelelwa yigunya lomhlomulo, kanti lowo mhlomulo uyodluliselwa kumfelokazi ogade leyo ngane noma indlafa obekufanele ithole umhlomulo.
c noma yimiphi imithetho yendabuko ephoqa ukuba indlalifa yondle abantu ababondliwa ngumufi nokukhokha izindleko ezazikweletwa uyacinywa.
Lo mthetho waziwa ngeSichibiyelo soMthetho Olawula Amafa abantu abashone bengaziqokanga Izindlalifa ka 2000 kanti uyoqala ukusebenza ngosuku oluyonqunywa nguMongameli ngesaziso seGazethe.
Kusukela emandulo, umthetho wasentshona wawungayemukeli imishado egujwe ngaphansi komthetho wamasulumani. Abashade ngaphansi kwaleyo nhlanganiso, umthetho wawubathatha njengabantu abangashadile. (bona Ismail v Ismail 1983 SA 1006 AD).
Ngokuba khona koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika owazisa amasiko nezinkolo zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, kwafanela isishayamthetho sihlinzeke ngomthetho wokwazisa imishado esemthethweni yamaSulumani nokuhlinzeka ngomthelela waleyo mishado.
Sewuphasisiwe Umthethosivivinywa ngenhloso yokwemukela Imishado yamaSulumani.
Ngalo mbhalo, akuqondiwe ukuxoxwa ngoMthethosivivinywa ngokugcwele kodwa ukugxila kulezo zigaba zoMthethosivivinywa ezithintekayo kummeli nomuntu osebenza ngomthetho.
Yizincazelo eziqondena nalo mbhalo kuphela eziyothintwa.
Lencazelo ibalulekile ezinhlelweni zesahlukaniso, ezinguqukweni zempahla yomshado nesinqumo senkantolo esithinta imishado yesithembu.
Lona wumshado wobuSulumani obhalisiwe futhi ogujwe ngosiko loMthetho weMishado ka 1961 ngaphambi kokuqala koMthetho. Ngamanye amazwi, umshado ophothulwe ngaphansi koMthetho wobuSulumani noMthetho waseNtshona.
Noma ngubani oqokwe nguNgqongqoshe.
Abashadene ngaphansi komshado wobuSulumani ngemuva kokuqala koMthetho kufanele aqoke ukuboshwa yizihlinzeko zoMthetho isigaba 2 1.
Ngokulandisa kwesigaba 6 (b) soMthetho lapho amathimba eziqokele khona ukuboshwa yizihlinzeko zoMthetho, leyo mishado yobuSulumani kufanele ibhaliswe ngesikhathi sokuphothulwa komshado noma isikhathi eside esihlinzekiwe.
Noma kunjalo, ukwehluleka ukubhalisa umshado akuphazamisi ukuthi lowo mshado usemthethweni bona isigaba 610.
Uma abashadene beqoka ukungaboshwa yimibandela yalo Mthetho, umthetho ngendlela owawuyiyona ngaphambi kokuqala kwalo mthetho, uhlala unjalo. Lokhu kunomthelela wokuthi leyo mishado ingamukelwa futhi umthetho ovamile usebenze ngendlela okwethulwe ngayo isingeniso.
Izihlinzeko zomthetho ziyosebenza kunoma yimuphi umshado wobuSulumani ophothulwe ngaphansi koMthetho woBusulumani futhi ogcotshwe, wabhaliswa ngokoMthetho weMishado ka 1961 isigaba 24, inqobo uma abashadene beqoka ukusetshenziswa kwezihlinzeko zoMthetho emshadweni wabo. Noma kunjalo, umthetho kungenzeka ungaphazamisi umthelela womshado okhona, ngokunjalo ngezizathu ezisobala isigaba 5,6,7 no 10 zomthetho ngeke zisebenze emshadweni.
Umthetho awusebenzi emishadweni ephothulwe ngokosiko lwasentshona noma emishadweni yendabuko elawulwa ngaphansi koMthetho Omukela Imishado yeNdabuko 120 ka 1998.
Bona Isijobelelo B somdwebo wenkomba yokwenzeka kwezigameko.
Yimishado yoBusulumani kuphela ehlonzwe kulo Mthetho nehambisana nezidingo zoMthetho eyothathwa njengemishado esemthethweni isigaba 25.
Abashadene ngaphansi kwenhlanganiso yoBusulumani banamandla agcwele okusayina isivumelwane, ukuthatha izinyathelo zomthetho, njalo njalo.
Kufanele kulandelwe Izigaba 6 no 7 zoMthetho isigaba 51.
Akekho oseshade nomunye ngaphansi komshado woBusulumani ongaphinde ashade futhi ngaphansi koMthetho weMishado noma eminye ngesikhathi usaphila lowo mshado wokuqala isigaba 52. Noma yimuphi omunye umshado oqalwa kanjalo uyize futhi awukho emthethweni isigaba 53. Ngokunjalo abashadene ngaphansi koMthetho woBusulumani lapho zisebenza khona izihlinzeko zalo Mthetho azinalo igunya lokungena emshadweni omiselwe emalungelweni abantu noma wasentshona.
Lowo mshado kufanele ubhaliswe ingakapheli iminyaka emibili ngemuva kokuqala koMthetho noma isikhathi eside esingagunyazwa isigaba 61a. Noma isigaba siphoqa kokwa ukubhalisa umshado akuphazamisi ukuba semthethweni kwawo.
Uma abashadene beqoka ukuboshwa wuMthetho, umshado kufanele ubhaliswe ngemuva kokuphothulwa komshado noma isikhathi eside ngokugunyaziwe isigaba 61b. Bona ingxoxo engenhla ethinta ukwehluleka ukubhalisa umshado.
Ngokulandisa kwesigaba 63d, isiphathimandla somshado kufanele sinike abashadene isitifiketi somshado esiwubufakazi obusobala bokuthi umshado woBusulumani ukhona.
Isiphathimandla somshado singenqaba ukubhalisa umshado kanti ngokunjalo nenkantolo ingabhalisa lowo mshado uma seyithole isicelo sokubhalisa isigaba 65 no 66.
Ukwehluleka ukubhalisa umshado woBusulumani akuphazamisi ukuthi lowo mshado ukhona futhi usemthethweni isigaba 610.
Lowo mshado awuhlanganisi impahla yomshado futhi ubeka eceleni inzuzo nokukhula kwamafa omshado ngaphandle uma abashadene bebhalise isivumelwane sokushiyelana amafa eziko lokubhalisa impahla nezindlu, zingakapheli izinyanga ezingu-12 kusuka ngosuku oqale ngalo loMthetho isigaba 81a.
Lowo mshado uyohlukanisa impahla yomshado futhi ubeke eceleni inzuzo nokukhula kwamafa omshado ngaphandle uma abashadene bebhalise isivumelwane sokushiyelana amafa, zingakapheli izinyanga ezintathu ngemuva kokubopha ifindo lomshado isigaba 81b.
Abashadene ngaphansi komshado woBusulumani nalapho usebenza khona loMthetho, bengafaka isicelo ngokuhlanganyela enkantolo ngenhloso yokuguqula uhlelo lwempahla namafa omshado wabo. isigaba 83. Asikho isikhathi esinqunyelwe lokhu.
Semvume yesivumelwane esilawula uhlelo lwempahla namafa emishado isigaba 86.
Uma inkantolo yemukela isicelo, kufanele ikhophi efanayo yesivumelwane ibhalwe emqulwini wokubhaliswa kwezindlu isigaba 89.
Asikho isiphathimandla sokubhalisa imishado esiyobhalisa isithembu ngaphandle kokuba sinikwe ikhophi yesinqumo senkantolo isigaba 810.
Isigaba 9 sihlinzeka ngokuqedwa kwemishado yoBusulumani yinkantolo yomthetho ngezizathu ezimiswe wumthetho woBusulumani (Bona Isijobelelo C, ngenqubo elandelwa ngokwehlukanisa).
Uma kwenzeka oyedwa wabashade ngenqubo yomshado wasentshona efaka isicelo sokwehlukanisa ngokulandela umgudu woMthetho woKwehlukanisa Umshado, Inkantolo ngeke iwuhlakaze lowo mshado ize yeneliseke wukuthi umshado woBusulumani sewubhidliziwe (isigaba 10).
Yinkantolo yomthetho kuphela engamukela lowo mshado uma kunengxabano phakathi kwabantu abathintekayo noma kube yisiphathimandla sokushadisa.
Isigaba 13,14 no 15 soMthetho sihlinzeka ngenqubo okufanele ilandelwe uma kunengxabano ethinta ukubhidlizwa komshado (bona Isijobelelo D, esakha isithombe senqubo okufanele ilandelwe).
x "ukuzila" kuchaza isikhathi esiphoqiwe sokulinda esivezwa yisinqumo sokwehlukanisa umshado wohlelo lweTalaq, Faskh noma ukufa lapho owesifazane engafanele ukuba ashade.
c uma ekhulelwe, siyodlula sifinyelele esikhathini sokubeletha kwakhe.
b uma ekhulelwe, kuyoze kufike isikhathi sokubeletha.
xiv "isiphathimandla sokushadisa" sichaza umuntu oyiSulumani onolwazi lomthetho wabaSulumani oqokwe njengesisebenzi sokushadisa ngokwenhloso yalo mthetho nguNgqongqoshe noma yisiphathimandla esigunyazwe ngokubhaliwe ukubambela uNgqongqoshe.
xxiii "lo Mthetho" uhlanganisa nemigomo.
Izihlinzeko zalo Mthetho ziyosebenza emshadweni woBusulumani ophethwe ngemuva kokuqala kwalo Mthetho lapho amathimba athintekayo eqoke khona ngendlela efanele ukuboshezelwa yimibandela yalo Mthetho.
Izihlinzeko zalo Mthetho ziyosebenza emshadweni woBusulumani ophethwe ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho: Inqobo uma ngaphambi kokuphela kwezinyanga ezingu-12 noma isikhathi eside esivunyiwe kusuka ngosuku lwalokhu kuqala, amathimba eyoba nelungelo lokuqoka ngokuhlanganyela nangendlela efanele ukungaboshwa yimibandela yalo Mthetho nokuyisenzo esiyosho ukuthi izihlinzeko zalo Mthetho ngeke zisebenze kulowo mshado.
Umthetho osebenza emshadweni woBusulumani lapho amathimba athintekayo eqoke khona ukungaboshwa yimibandela yalo Mthetho, uyoba ngumthetho okade ubusa ngaphambi kokuba loMthetho uqale ukusebenza.
c azisebenzi emshadweni wendabuko obhaliswe ngaphansi koMthetho Omukela Imishado yeNdabuko ka 1998 Umthetho 120 ka 1998.
Umshado woBusulumani onganyelwe yilo Mthetho nalapho kuhlangatshezwe khona zonke izidingo zalo Mthetho uyothathwa njengomshado osemthethweni ngesimo sayo yonke inhloso.
Inkosikazi nendoda eshade ngosiko loBusulumani banesithunzi esilinganayo sobuntu kanti bobabili banamandla, amagunya nezikhundla ezifanayo zokwenza nokuzimela ezimalini kanjalo namandla obunini, okuthenga nokudayisa impahla kanye nokusayina izivumelwane ezithile, ngisho ukuthatha izinyathelo zomthetho.
Noma iyiphi ingxabano equbuke emshadweni woBusulumani oqale kodwa waphela ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho iyodingidwa ngokulandela izimiso zalo Mthetho: Ngaphandle uma amathimba athintekayo enza isivumelwane ngokulandela indlela enqunyiwe lapho eziqokela khona umguqu ohlukile kulowo omiswe yizihlinzeko zalo Mthetho.
a Uma ingxabano iqubuke phakathi kwendoda eshade isithembu nenkosikazi eyodwa noma ngaphezulu lapho ingxabano isaqhubeka enkantolo enamandla afanele, akukhathalekile ukuthi ingxabano iphathelene nomshado obuswa yizihlinzeko zalo Mthetho noma chabo, wonke amakhosikazi ashade naleyo ndoda kufanele banikwe isaziso ngaleso ngxabano.
b uma ikhipha isinqumo esihambisana nezihlinzeko zendima a, inkantolo kufanele icabangele amalungelo abo bonke abantu abathintekayo.
d umkhwenyana nomakoti kufanele babe neminyaka enga-18 noma ngaphezulu; ngokunjalo e kufanele kulandelwe imibandela yalesi sigaba nezigaba 6 no 7.
Akekho obophe ifindo lomshado ngaphansi kwenqubo yoBusulumani nonganyelwe yilo Mthetho ongaphinde ashade ngokwenqubo yoMthetho weMishado noma ngomunye umthetho ngesikhathi esaboshwe yilowo mshado woBusulumani.
Uma kwenzeka kunomshado ophothulwe ngokwephula izihlinzeko zesigatshana 2, lowo mshado uyothathwa njengento engekho futhi eyize.
Uma omunye wabashadene engakafinyeleli eminyakeni yobudala, kufanele abazali bakhe bobabili , uma bengekho athole imvume yalowo omgadile ukuze ashade.
Uma ingatholakali imvume yomzali noma ogadile ehlonzwe esigatshaneni 4, kuyosebenza imibandela yesigaba 25 soMthetho weMishado.
Ngaphandle kwezidingo zesigatshana 1d, Ungqongqoshe noma omunye wamaSulumani noma isigungu samaSulumani esigunyazwe ngokubhaliwe singanika imvume ebhaliwe umuntu ongakafiki eminyakeni elindelwe ukushada ngohlelo lobuSulumani, uma Ungqongqoshe noma umuntu ochaziwe noma isigungu sibona umshado njengesenzo esifanelekile futhi sifeza izifiso zamathimba athintekayo.
Imvume ekhishwe ngaphansi kwemibandela yesigatshana 6 ayikhululi amathimba omshado ohlongozwayo ezibophezelweni zawo zokuhambisana nezinye zezidingo ezinqunywe wumthetho.
Uma umuntu oneminyaka engaphansi kwefanele eshada ngohlelo lobuSulumani ngaphandle kwemvume ebhaliwe kaNgqongqoshe noma umuntu noma isigungu esigunyazwe nguNgqongqoshe, Ungqongqoshe noma lowo muntu noma isigungu singacubungula lowo mshado ngenhloso yokubheka ukuthi ufanele yini futhi uyazifeza izifiso zamathimba athintekayo kanti uma umshado uhambisana nayo yonke imibandela yalo Mthetho, bayodalula ngokubhaliwe ukuthi umshado uphelele, ngokwezinhloso zemishado yobuSulumani.
Ngokuhlonipha izihlinzeko zesigatshana 6 no 7, isigaba 24A soMthetho weMishado sisebenza emshadweni wobuSulumani womuntu osemncane oshade ngaphandle kwemvume yomzali, yomgadile, kakhomishani wezenhlalakahle noma yomehluleli, kuye ngesimo ngasinye.
Ukwenqatshwa komshado wobuSulumani phakathi kwabantu abayizihlobo zegazi, ngokuzalana noma ngobuhlobo bokukhulisa ingane noma ngesinye isizathu yinto enqunywa wumthetho wobuSulumani.
a ophethwe ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho, ngaphandle uma amathimba athinteka kuwo eqoke ukungaboshwa yizihlinzeko zalo Mthetho ngendlela ehlonzwe yisigaba 22, kufanele ubhaliswe ngendlela enqunyiwe ingakapheli iminyaka emibili ngemuva kokugujwa noma esikhathini esidlule esingamiswa nguNgqongqoshe, ezikhathini ngezikhathi ngesaziso seGazethe; noma b ophethwe ngemuva kokuqala kwalo Mthetho lapho amathimba athintekayo eqoke khona ukuboshwa yizihlinzeko zalo Mthetho ngendlela ehlozwe yisigaba 21 kufanele ubhaliswe ngendlela enqunywe ngaleso sikhathi ogujwe ngaso umshado noma esikhathini eside esiyonqunywa nguNgqongqoshe, ezikhathini ngezikhathi ngesasizo seGazethe.
c omunye wabashadene enika isiphathimandla sokushadisa umazisi wakhe oqondwe yindima a bese omunye ethula umbiko ofungelwe oqondwe yindima b.
a sazise amathimba athintekayo ngelungelo lokuzisayinela isivumelwane ngokwabo esiyobusa isakhiwo somshado wabo noma ngegunya lokusayina isivumelwane esijwayelekile futhi kufanele abanike izibonele zohlobo lwaleso sivumelwane ngendlela enqunyiwe ngenhloso yokusiza abashadikazi ekuthatheni isinqumo esiphusile nesinolwazi.
e edlulise ngokushesha imibhalo efanele esiphathimandleni sesifunda noma esimele umaziphathe oqokwe ngokulandisa kwesigaba 211 soMthetho woMazisi ka 1986.
Uma isiphathimandla singeneliswa wukuthi abashadikazi baphothule umshado ngokusemthethweni, uyokwenqaba ukubhalisa umshado.
a sokubhalisa noma yimuphi umshado wobuSulumani; noma b yesule noma ilungise noma yikuphi ukubhaliswa komshado wobuSulumani omukelwe yisiphathimandla sokushadisa.
Isitifiketi sokubhalisa umshado wobuSulumani esikhishwe ngaphansi kwalesi sigaba noma ngomunye umthetho ohlinzekela ukubhalisa imishado yobuSulumani siwubufakazi obusobala bokuba khona komshado wobuSulumani kanjalo nemininingwane equkethwe yisitifiketi.
Noma yisiphi isiphathimandla sokushadisa esibhalisa umshado sinolwazi lokwephulwa kwezihlinzeko zalo Mthetho siyobekwa icala futhi sijeziswe ngenhlawulo engadluli ku-R5 000.
a Noma ngubani oqhuba uhlelo lokugujwa komshado wobuSulumani, akukhathalekile ukuthi lowo muntu yisiphathimandla sokushadisa kufanele azise abazoshada ngamalungelo okuziqokela ukuthi bayafuna noma abafuni ukuboshwa yizihlinzeko zalo Mthetho.
b uma labo abazoshada beqoka ukuboshwa yizihlinzeko zalo Mthetho ngendlela ehlonzwe yisigaba 21, umuntu oqhuba uhlelo lomshado oqondwe yindima a, kufanele edlulisele esiphathimandleni sokushadisa labo abazoshada ngenhloso yobhalisa umshado wobuSulumani awugqugquzelayo.
c Umuntu oqhuba uhlelo lokushadisa oqondwe yindima a, ohluleka ukuhambisana nezihlinzeko zendima b uyobekwa icala bese ejeziswa ngenhlawulo engadluli ku-R5 000.
Uma abafuna ukushadana bevela phambi kwesiphathimandla sokushadisa ngaphambi komshado ngenhloso yokubopha ifindo lomshado wobuSulumani bese nesiphathimandla siba nezinsolo zokuthi omunye wabo uneminyaka emvimbayo ekungeneni emshadweni wobuSulumani ngaphandle kwemvume yomunye umuntu, isiphathimandla sokushadisa singenqaba ukubhalisa lowo mshado ngaphandle uma sinikwa leyo mvume noma igunya elibhaliwe noma ubufakazi obenelisayo bokuthi lowo othintekayo unelungelo lokushada ngaphandle kwemvume noma kwegunya lothile.
a uma umshado uqale ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho, futhi ngesikhathi sokuphothulwa kwawo kwakunesivumelwane esibhaliwe esilawula imithelela yobunini bomshado obuvele ukhona phakathi kwabashadene, zingakapheli izinyanga eziyishumi nambili kusukela ekuqaleni kwalo Mthetho; kanjalo c Uma umshado uqale ngemuva kwalo Mthetho, zingakapheli izinyanga ezintathu siphothuliwe isivumelwane noma ngesikhathi esinqunywe yinkantolo, okuyisinqumo esiyothathwa yinkantolo uma sifakiwe isicelo.
Ngaphandle kwezihlinzeko eziphikisayo eziqukethwe kweminye imithetho, isivumelwane sokungahlanganisi amafa nempahla emshadweni okuphawule yisigatshana 1 asidingi ukufakazelwa yilowo owaba amafa.
c akekho omunye umuntu oyobekwa engcupheni noma ahlukunyezwe wushintsho oluhlongozwayo.
Iyonquma ukuba uhlelo lwempahla yomshado othintekayo lungabe lusasebenza bese ijuba amathimba aphathekayo ukuba azibophezele esivumelwaneni esibhaliwe lapho uhlelo lwesikhathi esizayo oluqondene namafa omshado luyobuswa ngemigomo enqunywe yinkantolo.
Uma indoda inamakhosikazi amaningi emshadweni wobuSulumani, bonke abantu abanesifiso esifanele odabeni, ikakhulu inkosikazi esaphila noma amakhosikazi kufanele bahlanganyele odabeni oluqhubekayo.
Uma indodo ibuswa yimigomo yomshado wasentshona kanjalo nowobuSulumani, bonke abathintekayo noma amakhosikazi kufanele abe yingxenye yodaba olukhulunywayo.
Indoda eshade ngohlelo lobuSulumani nalapho usebenza khona lo Mthetho, efuna ukungena komunye umshado wobuSulumani ngenjongo yokubopha ifindo nomunye wesifazane ngemuva kokuqala kwalo-Mthetho kufanele afake enkantolo isicelo semvume, ngokulandela isigatshana 7 nokwemukela isivumelwane esibhaliwe esiyolawula ikusasa lokuhlelwa kwamafa omshado wabo.
engakhipha isinqumo sokwehlukanisa ngokushesha nangendlela ephuthumayo ifa elihlanganisa ongaphezulu koyedwa noma axazulule leyo nkinga ekhona, kuye ngokuthi inkantolo ibona kanjani.
engakhipha isinqumo sokwehlukanisa inzuzo ekhandwe ngamafa ngendlela ehambisana neSahluko 1 soMthetho weziMpahla naMafa eMishado ka 1984 Umthetho 88 ka 1994 noma ngenye indlela okuvunyelwene ngayo noma uma sehluleka isivumelwane, umshado uthathwe njengesakhiwo esingahlanganisile amafa ngaphandle uma inkantolo inquma ngenye indlela ngenxa yezizathu eziqavile.
Bonke abantu abanesifiso esanele odabeni, ikakhulu amakhosikazi asaphila naleyo eshadwayo, kufanele bahlanganyele odabeni oluqubuke ngaphansi kwesigatshana 6.
Uma inkantolo ivuna isicelo esihlonzwe ezigatshaneni 3 noma 6, unobhala wenkantolo noma omunye ogunyaziwe kufanele anike inkosikazi ngayinye isinqumo senkantolo esixube ikhophi yesitifiketi yaleso sivumelwane futhi aqinisekise ukuthi umbhalo ofanayo unikwa unobhala ongamele Izakhiwo/Izindlu lapho ikhona inkantolo ngenhloso yokubhaliswa kwesinqumo.
Asikho isiphathimandla sokushadisa esiyobhalisa umshado wobuSulumani wesibili noma olandelayo ngaphandle kokuba indoda isihlinzeke ngesinqumo senkantolo ekhiphe imvume ngokulandisa kwesigatshana 7.
Indoda engena komunye futhi umshado wobuSulumani ngesikhathi isashadile nangaphandle kwemvume yenkantolo lapho iphambene khona nesigatshana 6 iyoba necala futhi uma ilahlwa yicala, iyohlawuliswa imali engadluli ku-R20 000.
Noma ngubani ovimba ngabomu omunye ekufezeni ilungelo lakhe elabiwe ngaphansi kwalo Mthetho, uyobekwa icala futhi uma limlahla ahlawuliswe noma aboshwe isikhathi esingedluli enyakeni.
Ziyosebenza izihlinzeko zesigaba 2 soMthetho woKwehlukanisa Imishado ngokuhambisana nezinguquko ezifunwa yingqikithi mayelana nemingcele yenkantolo, ngokwenhloso yalo Mthetho.
Ngaphandle kwezihlinzeko zesigaba 3a soMthetho woKwehlukanisa Imishado noma okunye okuphikisayo okuqukethwe ngeminye yemithetho noma ojwayelekile, umshado wobuSulumani ungaqedwa yinkantolo ngaphansi kwanoma yisiphi isizathu esivunywe nguMthetho wobuSulumani. Izihlinzeko zalesi sigaba ziyophinde zisebenze nezinguquko ezifunwa yingqikithi mayelana nomshado okhona wasentshona lapho amathimba athintekayo enqume khona ngendlela emisiwe ukuba izihlinzeko zalo Mthetho zisetshenziswe emitheleleni yomshado wabo.
a Indoda iyoba nesibophezelo sokubhalisa ngokushesha imibandela engaphikiseki yesi-Talaq kodwa ngezimo ezithile, akufanele kwedlule izinsuku ezingu-30 ngemuva kokuvezwa kwalo mbandela. Umbandela weTalaq uyothulwa esiphathimandleni sokushadisa kumaziphathe wemantshi osondelene nendawo ehlala inkosikazi phambi kwenkosikazi noma umgadi wayo kanye nofakazi ababili.
b Uma ngesizathu esithile inkosikazi noma lowo ogunyazwe nguye ehluleka ukuba khona, isiphathimandla sokushadisa siyobhalisa umbandela weTalaq engashintsheki kuphela uma indoda yenelisa isiphathimandla ngokuthi yakhipha isaziso esibhalwe efomini ngenhloso eqonde ukubhalisa futhi leso saziso sedluliselwa enkosikazini yisithunywa senkantolo noma ngenye indlela efanayo.
d Noma iyiphi indoda ehluleka ngabomu futhi ngenhloso ukubhalisa isinqumo seTalaq esingaguquki ngendlela ehambisana nalesi sigatshana iyobekwa icala kanti uma liyilahla ingahlawuliswa imali engadluli ku-R5 000.
e Uma omunye wabashadene ephikisa ubuqiniso beTalaq engaguquki, ngokwenqubo yomthetho wobuSulumani, isiphathimandla somshado ngeke siwubhalise lowo mshado ize ingxabano ixazululwe ngomngenela ongujuqu olawulwa yisigaba 14 noma yinkantolo noma ngemuva kwesisombululo esibhaliwe phakathi kwabashadene.
f Zingakapheli izinsuku ezingu-14 kusuka ngosuku lokubhalisa kwesinyathelo seTalaq engaguquki, omunye wabashadene engathatha isinyathelo somthetho enkantolo efanele lapho efuna khona ukuhlakazwa komshado ngenqubo yeTalaq. Isinyathelo esiqalwa ngale ndlela siyoncika kwinqubo eshintsha nezikhathi ngokulandela imithetho esebenzayo yenkantolo. Ikhophi yesitifiketi somshado oxhumene nesinqumo seTalaq iyonanyathiselwa kumasamanisi okuqalisa leso sinyathelo.
isicelo segalelo eliqondene nezindleko zaleso sinyathelo noma ukuqala leso sinyathelo noma ukufaka leso sicelo njengoba sinjalo noma umsebenzi ofana naso noma okucashunywa ethimbeni, leso sinyathelo noma leso sicelo; noma iii isicelo sesondlo ngesikhathi sokuzila.
g Isinyathelo seTalaq esiqale ukusebenza ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho, asidingi ukubhaliswa ngendlela yezihlinzeko zalo Mthetho.
Inkantolo ingakhipha isinqumo sokwehlukanisa umshado ngohlelo lweFaskh, nganoma yisiphi isizathu esimukelwe ekwehlukaniseni imishado yobuSulumani, lokhu kubandakanya izizathu ezichazwe encazelweni yeFaskh esigabeni 1. Inkosikazi iyoqala isinyathelo sokuhlakaza umshado ngohlobo lweFaskh enkantolo enamandla afanele kanti inqubo eyosetshenziswa kuyoba ngemiswe izikhathi yimithetho yenkantolo, lokhu kuxuba usizo olufanele oluhlonzwe yisigatshana (f). Isinqumo seFaskh esikhishwe yinkantolo, sihlangene neFaskh ekhishwe ngemuva kwesicelo sendoda siyoba nomthelela wokuqeda umshado.
Abashadene abaphothule inqubo ye-Khula bayovela ngabanye noma ngokuhlanganyela phambi kwesiphathimandla sokushadisa bese beqala umcimbi wokubhalisa ngale ndlela phambi kofakazi ababili abanamandla okufakaza. Isiphathimandla sokushadisa siyobhalisa i-Khula njengesinyathelo seTalaq esingaguquki nalapho izihlinzeko zesigatshana 3f siyosebenza khona nalezo zinguquko ngendlela engafunwa yingqikithi.
Umthetho Wokungenela Izindaba Ezithile zoMshado ka1987 Umthetho 24 ka 1987 nezigaba 61 no 2 zoMthetho woKwehlukanisa Imishado omayelana nokuphephisa inhlalonhle yengane engakazimeli noma ingane egadwe ngaphansi komshado othintekayo zisebenza ekwahlukaniseni umshado wobuSulumani ngaphansi kwalo Mthetho.
i omunye wabathintekayo kade esiza noma ethula usizo ngendlela ethize emisebenzini noma ekuqhubeni imisebenzi yomndeni noma amabhizinisi ngesikhathi usephila umshado; noma ii amathimba exhase khona ngokuthile ngesikhathi somshado okuholele ekwenzeni ngcono noma ekwenyuseni inani lomnotho wabashadene noma oyedwa wabo, lapho kunzima khona ukuqagula ngendlela eqondile inani elitshalwe yithimba ngalinye.
c uma kuyindoda eshade isithembu ngaphansi komshado wobuSulumani, kufanele ubhekele wonke amaphuzu athintekayo, kuhlangene nokulandelana kwemishado, izivumelwane ezikhona, isivumelwane noma isinqumo esikhishwe ngaphansi kwesigaba 83 no 7.
Ngemuva kokubhidizwa komshado ngenxa yesifo, osele unoba nelungelo lokufaka isicelo sokudla empahleni yomufi ingxenye yelobolo elingakhokhwanga noma ingxenye ethile ephathekayo ayofake emshadweni emukelwe wumthetho wobuSulumani.
Ngezinhloso zalo Mthetho, umnyaka wokungena ebudaleni banoma ngubani inqunywe ngendlela ehambisana noMthetho Olawula Iminyaka yokungena ezingeni lokuZimela ka 1972 (Umthetho 57 ka 1972).
Ekukhipheni isinqumo esithinta ukugcinwa nokufinyelela enganeni engakakwazi ukuzimela noma esinqumeni sokugada ingane, mayelana nomthetho wobuSulumani kanye nombiko nezincomo zoMmeli wasemaJajini woMndeni, inkantolo iyobhekela inhlalonhle nezifiso eziphambili zengane.
Ngokubambisana nesigatshana 1, umzali ongayigadile ingane uyonikwa ithuba elanele lokubona ingane.
Noma bengekho abazali bobabili noma lapho behluleka ukuvela ngezizathu ezithile kodwa ngokuhambisana nesigatshana 1, inkantolo ngokulandela inqubo yomthetho wobuSulumani lapho ikhipha isinqumo sokugunyaza noma sokunika igunya lokugada ingane al-hadanah noma ubuzali bengane al-walayah engakakwazi ukuzimela noma inika igunya lobuzali lowo muntu inkantolo embona efanele, ngaphansi kwazo zonke izimo.
Isinqumo esiphathelene nokugcina, ubuzali noma ukufinyelela enganeni esithathwe ngaphansi kwalo Mthetho singaguqulwa noma sibuyiselwe eceleni noma yinini kanti esiwombeni sokubona ingane, singamiswa yinkantolo uma ithola izizathu ezifanelekile zalokhu: Inqobo uma kuqalwe ngophenyo loMmeli wasemaJajini woMndeni mayelana nenhlalonhle yezingane ezisencane ngaphambi kokukhipha isinqumo esihlobene sokuguqula, sokubeka eceleni noma sokumisa, kuye ngesimo ngasinye.
Izihlinzeko zoMthetho weSondlo ka 1988 (Umthetho 99 ka 1988) ziyosetshenziswa kanye nezinguquko ezifunwa yingqikithi mayelana nezibopho zomuntu othinteka ekondleni omunye. Ngaphandle kokuchezuka ezihlinzekweni zalo Mthetho, imibandela yezigatshana kuya ku iyosebenza.
isibopho sendoda ekwesekeni ingane ezalwa kulowo mshado sibandakanya ukuyihlinzeka ngokudla, ngezingubo zokugqoka, indawo yokuhlala, ukuyinakekela ngokwempilo nemfundo.
Noma yisiphi isamba senhlawulo esinqunywe ngale ndlela, siyoba yisamba inkantolo yesondlo esibona sifanele futhi sinobulungiswa ngaphansi kwezimo zodaba.
Isinqumo sesondlo esikhishwe ngaphansi kwalo Mthetho asingaguqulwa noma sichitshiyelwe noma yinini yinkantolo, uma ithola izizathu ezinqala zokwenza njalo.
Isondlo esisalele ngemuva okufanele sitholwe yinkosikazi asikwazi ukwesulwa ngelungelo elivunyiwe ngaphandle kwezihlinzeko zoMthetho waMaguna Avunyiwe ka 1969 Umthetho 68 ka 1969 noma omunye umthetho.
Uma kuqubuka ingxabano ngesikhathi somshado wobuSulumani noma ngenxa yawo uqobo, noma ngubani othintekayo kulowo mshado engadlulisa leyo ngxabano noma yinini, akukhathalekile ukuthi ngaphambili noma ngemuva kokuqala izinyathelo zomthetho ezihlonzwe yisigaba 9 (f) kodwa ngaphambi kwesinyathelo sesahlulelo senkantolo eMkhandlwini wabaXazululi omiswe ngendlela enqunyiwe.
Umkhandlu wabaXazululi uyozama ukusombulula ingxabano ngokungenela isimo zingakedluli izinsuku ezingu-30 lwedluliselwe kuwo udaba. Amathimba ehlukene engamelwa kulowo mcimbi ngabantu abaqokwe yiwo.
Ngemuva kokusombulula ingxabano, Umkhandlu wabaXazululi uyothula isivumelwane okufinyelelwe kuso enkantolo zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa ngemuva kwesivumelwane, ngokunjalo uma leyo nkantolo yeneliswa wukuthi izidingo zengane zivikelwe ngokwenele iyoqinisekisa isivumelwane sabaxazululi.
Uma Umkhandlu wabaXazululi usuqinisekisile ukuthi ayisombululeki ingxabano noma ingxabano ingalungi ngemuva kokuphela kwezinsuku ezingu-30 ngemuva kosuku lokwedluliswa kodaba, leyo ngxabano inganqunywa yinkantolo ngokulandela isigaba 15.
Ezingujuqu ka 1965 (Umthetho 42 ka 1965) noma omunye umthetho, amathimba athinteka emshadweni wobuSulumani engavumelane ngokwedlulisa udaba oluqutshulwe ngumshado noma emshadweni kuMehluleli oyothatha isinqumo esingujuqu.
Ngokuhambisana nesigatshana 4, izihlinzeko zoMthetho weZinqumo Ezingujuqu ka 1965 uyosebenza kwinqubo yokwehlulela eqhutshwa ngokulandisa kwalesi sigaba.
b ukwazisa elinye ithimba elingaba nogqozi ngalowo mphumela wesinqumo esingujuqu.
Asikho isinqumo esingujuqu esithinta inhlalonhle yezingane ezingakakwazi ukuzimela noma isiqu sanoma ngubani esiyoqala ukusebenza ngaphandle kokuba Inkantolo ePhakeme ethole leso sicelo ikhipha isiqinisekisa nokwazisa wonke amathimba athintekayo nanogqozi ngomphumela wesahlulelo.
e ukuphindisela emuva udaba kumehluleli luhambisana nemiyalelo efanele.
Akukho esigatshaneni 5 okuyothathwa njengesimo esinciphisa amandla ezinkantolo ngaphansi komunye umthetho ekubuyekezeni isinqumo sokwehlulela, inqobo uma siphathelene nengxabano yempahla engaphazamisi amalungelo noma izifiso zezingane ezingakakwazi ukuzimela.
d noma ngubani oqokwe ngale ndlela, uyokwazi ukuphinda aqokelwe isikhathi esingeziwe ngendlela eyobonwa ifanele nguNgqongqoshe.
Abahlaziyi abaqokwe ngokulandisa kwalesi sigaba, bayobamba iqhaza lokweluleka. Uma kwenzeka umehluleli omkhulu engalandeli izeluleko zomhlaziyi, lowo mhlaziyi uyoveza imibono yakhe ngokubhaliwe okuyothi uma kunesicelo sokwedlulisa udaba sethulwe kuNobhala weNkantolo ePhakeme yokweDlulisa Amacala njengengxenye yombiko okufanele ucutshungulwe yileyo nkantolo.
Noma yisiphi isinqumo senkantolo singadluliselwa eNkantolo ePhakeme yokweDlulisa Amacala ngendlela ehambisana nemithetho efanele yenkantolo ngaphandle kokuthi odlulisa icala ngeke aboshezelwe ekufakeni isibambiso sezindleko zokwedlulisa isicelo.
Uma kwenzeka kuba nesicelo esidluliselwa eNkantolo ePhakeme yokweDlulisa Amacala, leso sinqumo siyothulwa ezikhungweni ezimbili zamaSulumani, nezimukelwe ngendlela ebhaliwe okulindelwe kuzo imibono ebhaliwe maqondana nephuzu lomthetho okufanele liqondiswe kuNobhala weNkantolo ePhakeme yokweDlulisa Amacala. Isicelo kufanele sifike zingakapheli izinsuku eziyisithupha kuqala ngosuku okulethwe ngalo isaziso sokwedlulisa udaba.
Ekuthatheni isinqumo sodaba olwedlulisiwe noluhlonzwe yisigatshana 4, Inkantolo ePhakeme yokweDlulisa Amacala iyobhekela imibono ebhaliwe ehlonzwe kuleso sigatshana.
Ngokubonisana neSigungu Sosizo kweZomthetho, Ungqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo ngokulandisa kwesigaba 2 soMthetho weSigungu Sosizo lweZomthetho ka 1969 Umthetho 22 ka 1969 uyohlinzekela ngendlela efanele ngosizo lwezomthetho ebantwini abantulayo.
Uma kwenzeka omunye wabashade ngenqubo yesilungu ethatha isinyathelo sokwehlukanisa umshado ngaphansi koMthetho woKwehlukanisa Umshado ngemuva kokuqala kwalo Mthetho, ngeke inkantolo ihlakaze umshado wesilungu ngokukhipha isinqumo sesahlukaniso ize inkantolo izenelise ngokuthi umshado wobuSulumani usuphelile.
Uma kwenzeka indoda yenqaba ngezizathu ezithile ukwemukela iTalaq engaguquki, inkosikazi eyingxenye yomshado wobuSulumani iyoba nelungelo lokufaka isicelo sokumemezela i-Faskh ngaphansi kwalo Mthetho, okuyinto eqondene kuphela nalokhu lapho kuyosebenza khona imibandela yalo Mthetho ihambisana nezinguquko ezifunwa yingqikithi.
Kwezinye izimo ezihlonzwe esigatshaneni 2, udaba lungabuyiselwa enkantolo ngenhloso yokunquma ubunini noma eminye imithelela yomshado ngokulandisa koMthetho woKwehlukanisa neminye ephathelene nemishado.
Uma ngaphezulu komshado ovele ukhona wesilungu, indoda ishade omunye umshado ngesiko lobuSulumani ovumeleke ukubhaliswa ngaphansi kwalo Mthetho, inkosikazi noma amakhosikazi asekhona kufanele enziwe ingxenye yesinyathelo sokwehlukanisa umshado ngendlela ehlonzwe yisigatshana 1.
Imibandela yesigatshana 1 iyosebenza nalezo zinguquko ezingafunwa yingqikithi kulabo abathintekayo emshadweni okhona wesilungu abaqoke ukwemukela izihlinzeko zalo Mthetho ngendlela ehlonzwe esigabeni 2.
Uma izinyathelo zomthetho ziqalwa ngaphansi kwalo Mthetho ngenhloso yokuqinisekisa noma yokukhipha isinqumo sokuqeda umshado wobuSulumani noma olunye usizo futhi izinyathelo zingaphikiswa muntu noma lapho amathimba efinyelele khona esivumelwaneni, udaba luyolalelwa nguMehluleli weSulumani lihlezi ngaphandle kwabahlaziyi.
Isinqumo sokubhidliza umshado wobuSulumani ngeke sikhishwe noma siqinisekiswe ngaphansi kwalo Mthetho ngaphandle kokuba umehluleli ongamele udaba eneliswa ngokubhekelwa kwezidingo zezingane ezingakakwazi ukuzimela ezizalwe kulowo mshado.
b ukunquma imali ekhokhwa mayelana nokubhalisa umshado wobuSulumani nokukhishwa kwesitifiketi maqondana nalokhu.
Noma yimuphi umgomo oshaywe ngaphansi kwesigatshana 1 esingaholela ezindlekweni zoMbuso kufanele wenziwe ngokubonisana noNgqongqoshe wezeZimali.
Noma yimuphi umgomo oshaywe ngaphansi kwesigatshana 1 ungahlinzekela noma ngubani ophula umbandela wawo noma ohluleka ukuhambisana nawo uyobekwa icala kanti uma limlahla engahlawuliswa noma aboshwe isikhathi esingedluli enyakeni.
Inkantolo ngeke yaboshezelwa ukuba ikhiphe isinqumo sokuhlawulwa kwezindleko zecala esivuna lowo ophumelele esinyathelweni sokwehlukaniswa komshado kodwa ngokubheka amandla nokuziphatha kwawo, inkantolo ingakhipha isinqumo esibona sifanele futhi sinobulungiswa kanjalo inkantolo inganquma ukuba izindleko zecala zicazwe phakathi kwamathimba.
Uma kwenzeka kunengxabano yombango wokuthi umshado wobuSulumani ophothulwe kwelinye izwe wemukelekile yini njengomshado osemthethweni ngaphansi kwalo Mthetho, leyo mpikiswano iyonqunywa yinkantolo eyobhekela wonke amaphuzu aqondene, kuhlangene nezinkambiso zokungqubuzana kwemithetho.
